Zulu kaMandela nina benkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva!
Le yinoveli ebhalwe ngobukhulu ubuciko lobu. Izigigaba nezigameko ezikuyo zikushiya ubambe ongezansi . Amaphikankani afela enkanini. Kanti kutshela sibona ngomopho. Ziyasebenza kakhulu lezizaga kulendaba. Kungani uSphephelo engabange esambona unina uThandiwe? Kwesinye isikhathi ukulalela kuhle kanti nokuboniseka kungakuphumelelisa. Zifundele uzizwele ukuthi uThandiwe nendodana yakhe uSphephelo baphelelaphi nenkani yabo .
Indaba le inesifundo nomyalezo kulabo abanezindlebe neso lokubona izinto ngendlela eya phambili. Ilungele ukufundwa uwonkewonke, abadala nabancane. Iyakha , iyafundisa, iphinde yeluleke.
Sekukuwe-ke mfundi ukuthi yisiphi isifundo ozosithola. Usuyozekela abanye ngoba phela indaba emnandi yinhle ngokuzekelana.
Akabange Esambona
R220.00
+ Free Shipping
Reviews
There are no reviews yet.