Le noveli iqhakambisa iqhaza elikhulu elibanjwa ngabesifazane abakhulisa izingane ngabodwana. UGumede onguyise wabantwana bakaMkhize ubashiye bonke emakhaya akwaNokweja wajubalala nezinkalo waqonda eThekwini eyofuna umsebenzi. Zasala nonina ziqhatha usizi. Amagalelo kaMaMkhize acaca zisuka lapho ezidela amathambo, efukuzela izingane zakhe ukuze zibe nekusasa eliqhakazile. Le ndaba iveza izingqinamba ezibonakala ngesikhathi umzali oyedwa esephunyukwa yingane yakhe yentombazane egcina isizenzela zealhanda , isilahla nemfundiso kanina ngenxa yokuluthwa yimali. Isigcino salokho siba sibi kakhulu. Nokho ukwesekwa ngomakhelwane kwenza iphunyule ezicini ezimbi.
Reviews
There are no reviews yet.