Get the three books:
Isiko (drama)
UMadlokovu nakuba esadla ngoludala kodwa uhlala edolobheni, futhi uthobekile, ekubeni unkosikazi wakhe ugxile enkolweni. Wena owabona amahlokohloko exokozela phezulu esihlahleni, isimemo sikaPhilisiwe sokuza ememulweni womngani wakhe sisusa umsindo, kube yizinkanizababili, kuze kulamule isalukazi ngephupho enganeni. Ungazikhohlisi, izidalwa ziphila kithi, futhi zibona konke ngaphansi komthunzi welanga. UDokotela Sibiya uhleze eluvadlwana njalo mayebona uPhilisiwe egegetheka kuze kuvele elomhlathi nendodakazi yakhe u-Amahle.
UDorothy uhlezi ebhekene nomsebenzi wakhe lapha kwaNgema, akagqizi qakala, vele-ke eyomndeni kuthiwa ayingenwa. UMaZwane, njengomfazi, uma eneqiniso, nenkolo ibukhali kweyakhe inhliziyo nonembeza, ngabe impela uzoncamela ukuthi aze afe ithumba engakaliqhambuzi?
2. Kuyoze Kulunge (novel)
Le noveli iqhakambisa iqhaza elikhulu elibanjwa ngabesifazane abakhulisa izingane ngabodwana.
UGumede onguyise wabantwana bakaMkhize ubashiye bonke emakhaya akwaNokweja wajubalalan ezinkalo waqonda eThekwini eyofuna umsebenzi. Zasala nonina ziqhatha usizi. Amagalelo kaMaMkhize acaca zisuka lapho ezidela amathambo, efukuzela izingane zakhe ukuze zibe nekusasa eliqhakazile.
Le ndaba iveza izingqinamba ezibonakala ngesikhathi umzali oyedwa esephunyukwa yingane yakhe yentombazane egcina isizenzela zealhanda , isilahla nemfundiso kanina ngenxa yokuluthwa yimali.
Isigcino salokho siba sibi kakhulu. Nokho ukwesekwa ngomakhelwane kwenza iphunyule ezicini ezimbi.
3. Iphupho (novel)
UDawn uzibambe ngamazinyo emva kokuhamba ijuba likaNowa kukaSam, iGoli limgola okwangempela! OkaZulu uyazithanda izingane zakhe okungu-Amahle noSisanda; uzikhulisa ngothando, uyacophelela ngakho konke akwenzayo phambi kwazo. Ukushayeka ngemfe ephindiwek ukaMike ngoDawn ongamnikezanga ucu emva kokunqoba emncintiswaneni wolwempungushek umenza efudukele kwelaseNgilandi lapho athola khona uthando kowebala. Igazi liyakhuluma;u Sisanda ukuyofundela kwakhe eNyuvesi yaseGoli kumholela kuyise esibhedlela engalindele ephelezale umngani wakhe u-Asive.
OVicky nabo njengabasebenzi basezindlini bangabantu, futhi badingwa ukuphathwa kahle ngobai kusasa kalaziwa. UThembakazi umfazi othwele ngeqoma umsebenzi wakhe aze akhohlwe nangumyeni wakhe omnakekela ngayo yonke indlela. Abahlengikazi bayayidlala indima ekubuyisenii themba ezigulini, uSister Mbewu naye ungomunye wabo. UMlungisi ubuyisa ithemba kuDawn obesehlanze ngedela ephusheni lakhe lokuba ngumdansi ovelele emhlabeni wonkana.





Reviews
There are no reviews yet.