Izinkinga ezikhungethe uNjinga emzini wakhe ziqhamuke nxazonke.
Umthwalo osemahlombe akhe owokubhekana nendaba
yokukhulelisa kwendodana yakhe uMthandi. Konke kube yisiqalo
sezinkinga okumele amelane nazo. Kuzo zonke izigameko abhekene
nazo, indodana yakhe uMthandi ayiyizwa eyentombi ekhulelwe. U
Njinga ulokhu eyincenge njalo indodana yakhe ukuthi yenze
okufanele kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Izigameko zendodana
ziye ziyoxhantela esitokofeleni nasemsebenzini wakhe uNjinga.
Kuzo zonke izigameko ulokhu ephunyule njalo. Indodana yakhe
ilokhu ishaye umcathu ifuna uthando lwentombi esencane uMagugu.
U Njinga ukhuza ekhuzile. Ulokhu eyiphakile uyise wentombi
ekhulelwe efuna amahlawulo. Kube nzima lapho esesolwa ngokweba
imali yesitokofela uNjinga. Ingabe lizogezeka igama lakhe?
Ikloba Lomlilo by EB Maphumulo
R220.00
+ Free Shipping




Reviews
There are no reviews yet.