UDuduzile intokazi elitshitshi phaqa; iziphethe kahle phansi kweso lomphakathi walapha eBomvana kakhulukazi kunina uDorah. Bahlezi bendawonye ngasosonke isikhathi; ekuseni bephuza itiye; bechelela izitshalo engadini; kwala ngisho noma emthuma emholweni okanye edolobheni ngokomoya usuke enaye umntwana wakhe. UMasemola uwusizo olukhulu lapha emphakathini ngeveni yakhe. UKhonzeni alishoni engakabeki umcondo wakhe laphaya kwaMnisi.
UJane- inhliziyo ayikutholi ukuphumula selokhu wemukwa iqatha- indoda ayithandayo ngomunye wabomama balapha endaweni.
KwaSqenqe, ukhokhovula, akulalwa , kuhlezi kukhala igovu leli, lishaya kuzwakale phesheya eMakhobeni. UXolani Ntuli isigijimi esethembekile, nakuba amehlo aso esethanda ukuthi njo kuDuduzile.UMaNtombi uzithola esengcupheni ; ezofela ukwethembeka kwakhe.
Reviews
There are no reviews yet.