Ngangingasazi Isiphetho by Nkosinathi Buthelezi

R180.00

+ Free Shipping
Category:

UVusi nosisi wakhe uLethiwe bakhulela phansi kwengcindezi yesithembu,
unina uMaSangweni uyinhlekisa futhi usolwa ngobuthakathi. Ukufa
kukaMadlokovu kungenisa amanzi endlini kungabi nokuthula ebaleni.
UMaMthombeni, umfazi omdala, unguphumasilwe, iqhalaqhala loqobo,
elinomhobholo elifuna ukwengamela konke. USilwanempi ufunda isifundo
esinzima ngolaka lomhlabathi. UDosilwempisi akagcini ngokusiza
emkhuhlaneni uze ewele esonweni nomunye wabafazi bakwaNgema
nokuholela ekutheni aphange imfuyo. USikebhe kuphithana ikhanda,
akazi ukuthi kumele eqhube ngesiko okanye ngemali ezingxoxweni
zamalobolo. UT-man ubunkonkoni bakhe buvuka bume ngezinyawo
kumfana wasemakhaya, ompofu, ozozizamela impilo engcono eGoli.
UThandeka ubhekana nembibizana emendweni kodwa ngemfundiso
eqinile yabazali uwotha noma ubomvu umlilo.

Reviews

There are no reviews yet.

Be the first to review “Ngangingasazi Isiphetho by Nkosinathi Buthelezi”

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Shopping Cart