UThembelihle unkosikazi ohleze esekhaya; owakhe umsebenzi ukunaka ebaleni nasendlini, kanye nokunakekela indoda yakhe esebenza kanzima ukuze bazophila. Umshado wabo uthanda ukuba munyu ngesimanga sokungabatholi abantwana. Bazama beze behlanze ngedela. Kusendaweni yasemakhaya, inhlonipho isahamba phambili, kepha uVelabahleke uzithola ethatheka kuKaSibeko omhwibiza agcine elingekile ngesimanga somzwangedwa awuzwayo esele emini yedwa ekhaya. Kunzima ukukhothamela izinkosi ezimbili kodwa ekugcineni kwamele ibeyinye ozwi layo lizwakala.





Reviews
There are no reviews yet.