Baningi abakufisela impumelelo, abanye bazokunika
isikhwele uthi uyagibela bephinde besephula ukuze
uzowa bejabule. UVeli usuka KwaMaqhawekazi elibangise
eThekwini ngokuyoshintsha impilo yakubo.
UBheka umnewabo umjikela njengotshwala esiswini.
Umkhaciza okwenja, amphathise okomuntu olukhuni.
Ithongo lakwaNgema limphonsela esitaladini limyise
lapho okumele athole khona ukuphila. UNene sewaba
umdaca phansi, indlala seyadla amaphela, ikati lona
lakhonya eziko. UMaNala uzele isifundiswa sentokazi
uZibuyisile okubukeka isilisa siyisaba ngoba
bethi yindoda-mfazi. UMaNdlela izinyembezi zisuleka
engalindele nesithunzi sibuye emphakathini.
Amajele aqoqa ondlamvini, amasela, namaxoki,
lokotha wena uphambane nomthetho kaNkulunkulu
uzobona. Umshado wothando lweqiniso uletha ubumbano,
injabulo, kanye nempumelelo.
Ifa Lenhliziyo by Nkosinathi Buthelezi
R190.00
+ Free Shipping




Reviews
There are no reviews yet.