Sale!

Ngabamba Ongezansi

Original price was: R200.00.Current price is: R140.00.

+ Free Shipping
Category:

UMbhekeni uthumbu kwaMntambo kubafowabo ababili, uthwele
yonke imithwalo yasekhaya selokhu kwahamba uyise emhlabeni.
UBertina, njengekholwa elinohlonze endaweni yaseNyawoshana,
uzibambe ngamazinyo, ukhuza ekhuzile kundlalifa yakhona ehluphisa
okomntwana omncane. UDiliza isidakwa; isigebengu esibheke
phansi; kepha akubi kade icala ligcine livule ingubo lingene
emuva kokuphinga noGunda, ongunkosikazi kaThulani
Dankie, osebenzela eMalahleni.

UFalembiza emuva kokuphothula umatikuletsheni ulibangisa
eGoli kepha ulindwa emnyango uyise nonina uJabulisile kucishe
kuphele izinyanga ezimbili engangeni. UNtombikayise,
isigebengu somama, othando lwaso lwemali kanye noTom, wokufika
kuleli, liholela ekuthumbeni umuntu ukuze bezophila impilo
entofontofo!

UPorshia, eFourways, umdwebi wenhlanzi, uyilibazisa ndlela zonke
lize lifezeke itulo labo elimnyama. Isibindi sikaLora Marcus
sibuyisa ithemba embuthweni wamaphoyisa. Ngabe uThuli
uzobanawo amandla okudalula imfihlo emuva kokwehla kwebhokisi
likababa wengane yakhe angasophinde ambone ngenxa
yobufebe?

Reviews

There are no reviews yet.

Be the first to review “Ngabamba Ongezansi”

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Shopping Cart